Umqeqeshi Wase-UKZN Ulekelele Ontwezayo Ukuba Anqobe Indondo Yegolide

By | November 16, 2018

Mr Siyabonga Shezi, uqeqeshe umhlengi wase-Scottburgh uMnu Jonathan Rorke.

Click here for the English version

Umfundi weziqu zeMastazi KwezeSayensi YokuVocavoca Umzimba Nokungcebeleka  uMnu Siyabonga Shezi uqeqeshe ongumhlengi wababhukudi wase-Scottburgh uMnu Jonathan Rorke lapho enqobe khona wahlabana ngendondo yegolide emqhudelwaneni i- General Tyre South African Lifesaving Championships.

U-Rorke, ongumfundi e-Mangosuthu University of Technology, ugijime amamitha angama-90 esihlabathini solwandle ngesikhathi esiyimizuzwana eyi-10:55 ukuze ahlabane ngendondo yegolide ngaleyondlela wabekwa njengenqgwele yaseNingizimu Afrika, lapho ephule irekhodi ebeselihlale iminyaka ecishe ibe eyishumi.

UShezi ubambe iqhaza elikhulu ekunqobeni kuka-Rorke. ‘USiyabonga ungisize kakhulu. Uthuthukise uhlelo lwami lokuziqeqesha ngokugcizelela ukubaluleka kokuziqeqeshela ukugijima ngesivinini esiphezulu,’ kusho u-Rorke.

Ongumholi Kwezokufunda we-BELS, uDkt Rowena Naidoo, uthe uShezi ungomunye wabafundi abaphambili emkhakheni, ‘USiya waphumelela eziqwini zakhe ze-Onazi KwezeZayensi Yokuvocavocwa Komzimba ngamalengiso kanti manje wenza iziqu zeMastazi kwezeSayensi Yezemidlalo.’

Uyilungu lohlelo lweNyuvesi Lokuthuthukiswa Kwabafundi asebeneziqu, sibonga umfundaze we-Talent Equity and Excellence Scholarship. Lo mfundaze uqoka futhi uxhasa abafundi abathembisayo kulolu hlelo ngoba kucatshangwa ukuthi bangasebenza emkhakheni wokufundisa.’ Siyaziqhenya ngempumelelo kaSiya ekilasini nakwezemidlalo,’ kusho uNaidoo.

UShezi uthe ubudlelwane bakhe noRorke obukhethekile obuphakathi komqeqeshi nomsubathi busukela ebunganini babo besikhathi eside. ‘Uthando luka-Jonathan lwezeSayensi Yezemidlalo luyangigqugquzela ukuze ngifunde kakhulu futhi ngiqhubekele phambili e-UKZN ngoba sengibonile ukuthi ulwazi olutholakala kulo mkhakha lungakwazi ukugqugquzela imiphakathi nabantu ukuze baphumelele futhi basebenze ngokuzimela, kusho uShezi.

UShezi umatasa usebenzisana no-Rorke ekumlekeleleni ukuze aqokelwe eqenjini lesizwe elizongenela umqhudelwano i-World Lifesaving Championships e-Australia ngonyaka ozayo.

nguNombuso Dlamini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *